Product Description
Senior African Writers Series: isiZulu Home Language Novel Grade 8: Uthando Luyinselele
Author: H Dube
Format: Physical Hardcopy
Le ncwadi ikhuluma ngowesifazana owathola izinkinga emsebenzini engalindelanga. Wayekade esebenza njengonobhala ongakabinawo amava kodwa wazibona esebhekene nomsebenzi omkhulu awawunikwa ngumphathi wakhe wokubhekana nezivakashi ezazibuya eMelika.
Wawenza kahle lo msebenzi. Wayekade esebenza nabantu ababezimisele ukuwenza ube nzima umsebenzi wakhe.
Waphumelela kuzo zonke izinto ayezenza ngokuzimisela okukhulu. Inkinga yakhe yayiwukuthi wayemthanda umphathi wakhe kodwa engasithandi isimilo sakhe ngoba wayengumuntu ongabonakali ukuthi umqondo wakhe usebenza kanjani.
Ekugcineni lo wesifazane washada nomphathi wakhe yaze nenkampani yasebenzisana nenkampani yaseMelika.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.