Product Description
Senior African Writers Series: isiZulu Home Language Novel Grade 7: Umlisa Oxakile
Author: M Sandler
Format: Physical Hardcopy
Idolobhana iPulaneng neLithakong yizindawo ezinokuthula zaseLesotho. Lokhu kwaphela ngenkathi kufika izigebengu ezazilanda insangu lapha bese ziyoyithengisa ezimayini eGoli.
UFani kwakungumfanyana oneminyaka eyishumi nanhlanu. Wayekhuthele esiza umama wakhe, uMaFani.
Wayemsiza ngokwelusa izimvu nezimbuzi futhi abuye abheke amahhashi ezivakashi ezazifika zilale ehhotela. UFani wayenezindlebe ezibukhali futhi enokuqaphelisisa izinto.
Ngenkathi yena nomngani wakhe besentabeni bezwa lezi zivakashi ezaziyizigebengu zikhuluma okuthile okwabasolisa. Futhi amagama azo ayeyinsambatheka ngoba kwakungawezilwane.
Isifiso sakhe esikhulu kwakungukuthenga isiqophamazwi ukuze aqophe izingoma.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.