Product Description
isiZulu Home Language Grade 9 Novel (Inhlonipho)
Author: D Hlatshwayo
Format: Physical Hardcopy
Ngenxa yabangani abangalungile, uFanele uzithola esengene wathi shi embulalazweni oyizidakamizwa. Nangu useze waphenduka undingasithebeni ohudulana nezidwedwe emigwaqw eni yaseGoli.
Onke amaphupho akhe avele ashabalala njengamazolo lapho sekuvela ilanga. Usephenduke ihlongandlebe enjalo nje.
Sekuze kulukhuni nakubazali bakhe ukuthi bamkhuze. Yize noma uyise eseshonile usalokhu eqhubekile nokukhombisa ukuba yisixhwanguxhwangu.
Impilo ibenzima kakhulu lapho eseqile ekhaya; esegolwe yimigwaqo yaseGoli. Izidakamizwa zimjove ngokunye.
Akusekho ukubuyela emuva manje, kufanele azame ngazo zonke izindlela ukuthola imali yewunga.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.