Product Description
Umthokozisi Epulazini Ibanga 6 Incwadi Yesithathu
Author: N. M. Zondi
Format: Physical Hardcopy
UMthokozisi benomfowabo uSizwe kanye nomndeni bayathutha eSoweto lapho behlala khona amabombo bawabhekisa eNyoni, enhla neKwaZulu-Natali. Uyise usethenge ipulazi lapha eNyoni.
Bahamba nje abathandi ngoba bashiya abangani babo nempilo abayejwayele baya endaweni abangayazi, indawo yasemakhaya. Uma befika eNyoni bahlangabezana nezinselelo zokufika endaweni.
Bathola abangani abasha, bafunda ukusebenza emasimini, bafunda nemidlalo emisha. Emva kokufikiswa ngezindlela ezahlukene bazithola sebethanda ukuhlala kule ndawo ngoba babona imizamo yabo yokusebenza kwabo iphumelela.
Bayaqala bayejwayela. Abazali babo bayabakhumbuza ukuba bafunde ukonga ngoba kusekude bazuze ngemikhiqizo yepulazi.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.