Product Description
Ngiyabonga Bangani Bami Incwadi 2 Ibanga 3
Author: P. Dlamini
Format: Physical Hardcopy
Leli yiqoqo lezincwadi zezindaba zabafundi bamabanga aphansi. Liqukethe izindaba ezihlabahlosile ezifundisayo, ezakhayo, ezixwayisayo, ezihlekisayo njalonjalo.
Abafundi bazohlangana nabangani abafana noGwajo, oZozo, oNala, oToto, oSonke, oFana kanye nabanye bebhekana nezimo ezihlukene zempilo. Uma abafundi benaleli qoqo lezincwadi zezindaba, isikhathi sokufunda sizohlala siyisikhathi sentokozo nokulangazelela.
Lokhu kuzobe sekutshala uthando lokufunda kubafundi. Lolu thando lokufunda oluyobe seluxhantela nakwezinye izifundo.
Lezi zincwadi zehlukene izigaba ezintathu. lsigaba ngasinye sinezincwadi eziyisihlanu ezihlukene ngokwamazinga.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.