Product Description
Masihambisane Ibanga 3 Incwadi Yokusebenzela
Authors: D.A. Mncube, M.M. Mkhize, S.P. Mtungwa, E.A. Ntombela
Format: Physical Hardcopy
Lolu hlelo luyizingxenye ezintathu. 1. lncwadi Yomfundi Le ncwadi iyingxenye eyisisekelo salolu hlelo ngoba izifundo eziningi ezikuyona zihambelana nezikwezinye izingxenye zalolu hlelo. Kulapho kuthuthukiswa khona amakhono abafundi, kungaba elokulalela nokukhuluma, elokufunda nokubukela kanye nelokubhala. 2. lncwadi yokusebenzela Lena-ke iyizigatshana ezihlelelwe ukuthi emva kokufunda umfundi abhale. lthuthukisa ikhono lokubhala nokuloba. 3. lncwadi kaThisha lngumongo walolu hlelo. lbonisa uthisha ngendlela okuzokwethulwa ngayo isifundo nokubhekana ngqo naso kanye nokwelekelela lapho kudingeka khona usizo, ekuthuthukiseni amakhono ahlukahlukene abafundi.
Le ncwadi yenziwe yahamba nomgodla wayo okungamathuluzi okwelekelela uthisha ngezinsiza kufundisa. Lolu hlelo luhlelwe lwahambisana ncimishi nesiTatimende sikaZwelonke senQubo mgomo yokuFunda nokuHlola.
Kuhlelwe izigaba ezingama-20 kwaba ngumsebenzi owanele unyaka wonke.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.