Product Description
Kodwa Yini Sathane (drama)
Format: Physical Hardcopy
UMfundisi Mahaye ujabula kakhulu uma indodana yakhe imtshela ukuthi isifuna ukushada. Ucishe amelwe yinhliziyo nokho uma esezwa ukuthi indodana yakhe ifisa ukushada nomuntu wesilisa.
Uzokuvuma yini lokhu uMahaye njengoba engumfundisi futhi ehlale eshumayela ethi ngamanyala ubunkonkoni? USathane uzowuxova kanjani lo mndeni wakwaMahaye obunokuthula nothando?
Ngubani ngempela uSathane kulo mdlalo? Abalingiswa babhekene nezinselelo ezinzima kulo mdlalo futhi izinqumo okufanele bazithathe zingase zibehlukanise nomndeni, abangani nomphakathi jikelele.
Izigameko ezisiphuzelisa unwele kulo mdlalo zenza ukuba le ncwadi ihehe, ingabekeki phansi. Lo mdlalo wadla ubhedu emncintiswaneni owawuhlelwe nguMnyango Wezobuciko Namasiko (KZN) ngokubambisana nabakwa- Oxford University Press.
UCharity Nomcebo Mpungose ungowokuzalwa eNkandla. Ungumdlali wemidlalo yeshashalazi njengoba afunda eMbongeni Ngema Academy of Performing Arts.
Yincwadi yakhe yokuqala lena.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of SA School and Office Supplies (Pty) Ltd, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.