Product Description
Izintombi ZikaGuitar Boy (novel)
Format: Physical Hardcopy
Izikhathi eziningi izinto ezimbi azithathwa njengezinto ezingasisa empumelelweni. Kanti futhi izikhathi eziningi, lapho sibhekene nezinkinga, sisheshe silahle ithawula.
Kodwa naku sibona uGuitar Boy ephethe isigingci sakhe azenzela sona ngethini likawoyela, esithintitha, esipolisha edlala ngaso ezindaweni eziphezulu, babe abanye abantu bedlala ngezabo zikanokusho. Kodwa yisona leso sigingci esisa uGuitar Boy empumelelweni.
Kodwa ubezoba yini ngaphandle kukanina kanye nezintombi zakhe eziningi? Ubezoba yini khona ngaphandle kokuzethemba?
Thatha mfundi, uzifundele nayi incwadi ebhalwe ngolimi olumnandi, olukwenza ukhale lapho kukhalwa khona, uhleke lapho kuhlekwa khona kanti umamatheke kanye naye umlingiswa empumelelweni yakhe nonina.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of SA School and Office Supplies (Pty) Ltd, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.