Product Description
Imvunge yokusa (poetry FET)
Format: Physical Hardcopy
Le ncwadi oyiphethe esandleni sakho yincwadi ebaluleke kakhulu ukuqonda nokujabulela ubuciko bomlomo! Iqukethe izinkondlo ezimnandi ezibhalwe yizimbongi ezahlukahlukene.
Kuzona kukhona ezabesilisa nezabesifazane, eziqalayo ukushicilela nalezo esezigiye kaningana enkundleni yobuciko bokubhala imibhalo yolimi lwesiZulu. Izinkondlo ezilapha zikhuluma ngezindikimba ezahlukahlukene futhi zibhalwe ngolimi olumtoti noluzwakala kamnandi.
Le ncwadi inemibuzo nezimpendulo ezisiza abafundi ngezivivinyo abazobhekana nazo. Sonke siyazi ukuthi izinkondlo ziqukethe ulimi oluqinile kunalolu esilusebenzisa nsuku zonke; kodwa ungathazeki ngoba kule ncwadi sikuchazela amatemu kanye namagama alukhuni ukuze uziqonde kalula izinkondlo futhi uzijabulele.
Kuyajabulisa ukufunda ngababhali bezinkondlo, yingakho nje sikufakele imilando yababhali bonke ukuze wazi ukuthi bangobani futhi baphuma kuphi.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of SA School and Office Supplies (Pty) Ltd, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.