Product Description
Eyezingane Izinyoni zaseNingizimu ye-Afrika
Author: Hélène Loon
Format: Paperback
Le ncwadi ejabulisayo, egcwele mfi yethula izingane emaqenjini ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ezitholakala eningizimu ne-Afrika: okholwase abanemilenze emide, oklebe abasheshayo, izincwincwi ezifana nejuba, izinsingizi ezinesibindi nezinye eziningi.
Funda ukubona izinyoni ezihlukahlukene, futhi uthole nendlela ehlaba umxhwele eziziphatha ngayo–indlela ezithola ngayo ukudla, ezikhetha ngayo umlingani, ezakha ngayo isidleke, ezikhulisa ngayo amachwane azo nokuthi zizigwema kanjani izilwane ezizizingelayo. Isingeniso esinemininingwane sichaza okuphathelene nezinyoni okunjengokuthandana, ukufuduka, ukuhlala kwazo ngaziningi kanye nokwebuza.
Kufakwe izithombe ezinhle ngokwedlulele ezingaphezu kwama-500, eziningi zichaziwe ukuze zigqamise izici nokuthile okuhlukile okuhlaba umxhwele ngazo. Kungani kufanele uyithenge: Iyisihloko sesibili kulolu chungechunge lwezincwadi, esethulwa kanyekanye nencwadi enesihloko esithi Kids’ Snakes of Southern Africa.
Ihlanganisa amaqembu ezinyoni ezingaphezu kwama-60 ajwayelekile aseningizimu ne-Afrika futhi athathekisayo. Igcwele amaqiniso ahlaba umxhwele kanye nemibuzo yokuthi: ngabe bewazi? Izidayini, egqamile enemibala eminingi ngezithombe ezinhle kakhulu.
For custom orders and quotes: shop@schoolspace.co.za
© 2026 Schoolspace. This product description is the exclusive intellectual property of the publisher, protected under copyright law. Unauthorized use, adaption, or copying is strictly prohibited.